21 November 2022
Ukwethulwa KwePhrojekthi ye-GEF 7

UMnyango wezamahlathi, ukudoba kanye nokongiwa kwemvelo wethule iphrojekthi ebizwa ngokuthi ukwandiswa kwezimali kanye namandla omnotho ezindaweni ezivikelwe. Le phrojekthi ixhaswe ngokwezimali yinhlangano eyaziwa ngokuthi yi-Global Environment Facility (GEF) ngokusebenzisana nebhange lomhlaba (World Bank). iSimangaliso Wetland Park (iSWPA), i-South African National Parks (SANPARKS) ne-South African National Biodiversity Institute (SANBI) yibona abasebenzisana kule phrojekthi isikhathi esiyiminyaka eyisihlanu (5).
Kusuka kwesokunxele (uMnuz. Shonisani Munzhedzi CEO of SANBI, uMnuz. Sibusiso Bukhosini CEO of iSimangaliso Wetland Park Authority, uDkt. Tsepang Makholela Chief Director for Biodiversity Monitoring & Special Services Department of Forestry and Fisheries, uMs. Asmeen Khan World Bank Manager for Operations, uMs. Flora Mokgohloa Deputy Director General Department of Forestry and Fisheries no-Africa Eshogba Olojoba Practice Manager for Environment, Natural Resources and Blue Economy, World Bank).
Inhlosongqangi yale phrojekthi ukukhulisa utshalozimali ezindaweni ezivikelwe futhi kukhuliswe umnotho wezinto ezinhlobonhlobo eziphila endle. Lokhu kwethulwa kwale phrojekthi kuqale mhla ziyishumi nesikhombisa kwaphela mhla ziyishumi nesishiyagalombili kuLwezi 2022 ePitoli, lapho kubanjwa khona izinkomfa zakwa-DFFE. Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park uMnuz. Sibusiso Bukhosini wazwakalisa ukwenama okukhulu ngokuthi inhlangano i-GEF ngokubambisana nebhange lomhlaba (World Bank) bathemba iSimangaliso ekutheni kube yiso esenza le phrojekthi. Wagcizelela ukuthi lolu tshalozimali luzohlomulisa abantu abakhelene nepaki.
(Umphathi omkhulu (CEO) weSimangaliso Wetland Park, uMnuz. Sibusiso Bukhosini).
Wathi, “Lolu tshalozimali luzothuthukisa ukuvuselelwa kwezwe ekuguqukweni kwesimo sezulu ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya okuyilapho kuzwela khona kakhulu kulabo abadla imbuya ngothi. Kuzodalwa kuphinde kunyuswe izinga lamathuba amasha ezamabhizinisi kwezemvelo nasohlakeni lwezokuvakasha. Ababambe isandla kule phrojekthi, abahlomuli, kanye nomphakathi owakhelene nezindawo ezivikelwe bazohlomula kumakhono akhuliswayo kanye nezinto
ezahlukahlukene zokuqeqesha umphakathi. Phakathi kwezinhlosongqangi zeSimangaliso Wetland Park ukufukula umphakathi ohlwempu owakhelene nepaki kungenye yezinhloso ezimqoka. IPaki livume indathane yezinzuzo njengengxenye yokuzuzisa umphakathi. Lolu tshalomali lwe-GEF luzophinde lwenze kube lula ukwenziwa kwalolu hlelo.
Uphinde wabalula ukuthi iSimangaliso senza konke okusemandleni ukuqinisa ubudlelwano baso nemiphakathi engomakhelwane. Ngazo izinsizakusebenza ezincane, sikwazile ukubeka izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi sithuthukisa izimpilo zabantu abahlala emphakathini engomakhelwane ngokwakha amathuba emisebenzi.
-Iyaphela-
Isitatimende sikhishwa iSimangaliso Wetland Park Authority
Abezindaba bengaxhumana no:
Mnu. Bheki Manzini
Call/Whatsap:060 533 2082
Email: